ISihayamthetho Kuzwelonke sinamakomidi amaningi angaphakathi abhekene nokusebenza kwePhalamende. Amakomidi avamise ukuba namaLungu anesikhathi eside esePhalamende. IKomidi lama-Rules kanye namakomidi amancane angaphansi kwalo adingida imithetho elandelwayo yeNdlu, isabelomali seNdlu, ukwesekwa kwamaLungu, amalungiselelo angaphakathi, kanye namandla nokuvikeleka kwamaLungu. Amanye amakomidi angaphakathi kubakhona iKomidi Lezinhlelo elihlela umsebenzi weSishayamthetho Kuzwelonke, iKomidi Lokuqondiswa Kwezigwegwe, kanye neKomidi Losihlalo.
UMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe unawalo amakomidi angaphakathi. IKomidi lama-Rules kanye namakomidi amancane angaphansi kwalo adingida imithetho elandelwayo ye-NCOP, isabelomali se-NCOP, ukuvikeleka kwamalungu ePhalamende, amalungiselelo angaphakathi, izindaba zamazwe omhlaba kanye nomthetho ogunyaziwe. IKomidi Lezinhlelo lihlela umsebenzi we-NCOP bese kuthi iKomidi Losihlalo lenza izincomo ngokusebenza kwamaKomidi kanye nezinye izinkundla ze-NCOP.
Uma kukhona umsebenzi ophuthumayo okumele wenziwe iPhalamende noma enye yeziNdlu zalo zingakhetha ikomidi lesikhashana.
Amakomidi adlala indima ebaluleke kakhulu ekwakheni intandoyeningi kanye nokubandakanya umphakathi ezinhlelweni kanye nezinto ezenziwa iPhalamende.
Kazwelonke Wezifudazwe, zenza umsebenzi wazo emihlanganweni ebanjwa indlu nendlu lapho amaLungu endlu ehlangana ndawonye enze umhlangano owodwa weNdlu), uma kuhlangene izindlu zombili zephalamende (lapho amaLungu ezindlu zombili ehlangana khona enze umhlangano owodwa weNdlu, nasemakomidini amthimba amancane amaLungu.
Ukunikeza iPhalamende indawo yokulalela ubufakazi kanye nokuqoqa ulwazi o oluqondene nomsebenzi wekomidi elithize.
Ngokujwayelekile, amakomidi akheke ngokwamanani ezihlalo zamaqembu ePhalamende. Imihlangano yamakomidi ivulelekile emphakathini, kodwa ingavaleleka uma kunesidingo sokwenzenjalo.
Bayaqapha baphinde bagade umsebenzi kanye nezabelomali zeminyango o kahulumeni kazwelonke bese bayenze iphendule ngakho konke ekwenzayo.
Bacubungula imithethosihlongozo yamalungu ziqu zawo kanye nemithetho o ehlongozwa izifundazwe kanye neziphakamiso ezikhethekile.
Amakomidi anelungelo lokubiza noma ubani ukuba azovela phambi kwawo, azokwethula ubufakazi noma azokwethula amaphepha. Bangase badinge ukuthi umuntu noma isikhungo sibike kubo. Amakomidi angaphinde amukele uhla lwezikhalazo, izincazelo zokuziphendulela noma izethulo ezivela emphakathini.
Ikomidi ngalinye liholwa uSihlalo.
INdlu yeSishayamthetho Kuzwelonke (i-NA) sikhetha phakathi kwamalungu aso amakomidi amaningi ukwengamela umsebenzi weminyango eyehlukene kahulumeni kazwelonke.
Ukugada umsebenzi wonyango ongaphansi kwawo, bafake imibuzo kanye..
nokwenza izincomo ngokuthize emnyangweni, kubandakanya ukwakheka kwawo, ukusebenza kanye nenqubomgomo yawo.
Umsebenzi wamakomidi awugcini kuhulumeni kuphela. Bangaphenya nanoma ingaluphi udaba oluthinta umphakathi olungaphansi komsebenzi wabo. Kuba neKomidi leNdlu Kazwelonke eMnyangweni kazwelonke ngamunye kanye neminyango kahulumeni esebenzisana nawo.
Ikomidi Lomkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (NCOP) likhetha amakomidi akhethekile emalungwini alo ngokugcwele ukwengamela umsebenzi weminyango kahulumeni eyehlukene kanye nokudingida iMithethosivivinywa. Ngoba kumaLungu angama-90 ase NCOP angama-45 kuphela amalungu ayizithunywa ngokugcwele uma kuqhathaniswa kwangama-400 ase-NA, amakomidi akhethekile ongamela umsebenzi weminyango engaphezulu kowodwa kahulumeni kazwelonke.
Ikomidi eLibheke Ukusetshenziswa kwezimali zomphakathi leNdlu kazwelonke lisebenza njengomqaphi wendlela oNgqongqoshe abasebenzisa ngayo izimali zabakhokhintela. Unyaka nonyaka uMcwaningimabhuku Jikelele ubeka imibiko ngezimali kanye nokuphathwa kwemali iminyango eyehlukene kahulumeni kanye nezikhungo Zombuso.
Abaphathi beminyango kahulumeni kanye nabezikhungo bavamise ukubizwa ileli komidi ukuze bazobika baphinde bachaze ngendlela imali esebenze ngayo. Ikomidi lingenza isincomo sokuthi iSishayamthetho Kuzwelonke sithathe izinyathelo uma isidingo sikhona.
Kuzwelonke. Lemithethosivivinywa ibhekwa ikomidi elibhekene neMithethosihlongozo yaMalungu kanye neziphakamiso ezikhethekile. Uma ikomidi livumelana ngenhloso yomthethosivivinywa ohlongozwayo, kube sekulungiswa umthethosivivinywa ozobhekwa iPhalamende.
Iziphakamiso ezihlongoza umthetho zingethulwa ePhalamende bese zidluliselwa ekomidini elisebenza ngalezo zindaba eziphakanyisiwe.
